ZIBANDLELA: UMKHOSI WOSELWA
About UsLolu usuku olukhulu lomthandazo esizweni,sisuke sibonga khona konke okuhle okwenzekile esizweni, sikuqalekisa okubi kuthi kungaqhubeki nokwenzeka esizweni, iNdlunkulu yonke suke kubalulekile ukuba ibekhona kanye nesizwe sonke saKwaZulu ikakhulukazi izinsizwa ezincane, yizo ekufunakala zibuthane ngobuningi bazo esigodlweni ngoba zingamandla nokuphila kwesizwe sakusasa. Kunesigaba esibalulekile esenziwa abancane esingeke senziwe abadala okukuyolanda isihlahla ehlathini neminye imisebenzi eyenziwa ngalesi sihlahla eyenziwa yibo labobantu abancane abangakeqi ku 17. Isizwe sisuke silande amandla nesibusiso esgodlweni kunomthebe waso.