NCWABA (AUGUST) UMKHOSI WESIVIVANE SOMAMA
About UsLomkhosi ngowa KwaZulu wawungumkhosi wezithungo njalo ngonyaka izindlu zezigodla kwaZulu zazivuselelwa okwakwenziwa yibo omama besizwe.lsivivane esiholwa IziNdlovukazi zeSilo uma sekuyiwa ehlathini.
Kuphunywa ngolwesithathu kubuye ngolwesihlanu ntambama behamba ngezinyawo. Umcimbi uqhubeka ngomgqibelo kuze kube yisonto.
Namhlanje kubizwa ngesivivane ngoba omama ilapho becobelelana noma bexoxa ngezinkinga lapho beqhamuka khona uma sebebonisene bese bezidlulisela kubaba wesizwe(lsilo)ukuze abeluleke ngokwezinkinga nangezidingo ezindaweni abaqhamuka kuzo.