MANDULO (SEPTEMBER)

UMKHOSI WOMHLANGA (ENYOKENI)
About Us

Uvuselelwe ngonyaka ka 1984 umkhosi womhlanga ngalesosikhathi wawusingathelwa esigodlweni Osuthu. Inhloso yeSilo ukuvuselela ukuziphatha kwezintombi nokuziqhayisa ngobuntombi bazo nokulekelela ekuvikeleni isifo sengculaza. Isilo yiso esaveza ukuthi kukhona lesi sifo esiwushayabhuqe axwayisa ngaso esizweni.

Namhlanje usugujwa esigodlweni sase Enyokeni lomkhosi okhula minyaka yonke ngokwenani Iezintombi lapho kuye kufike izimenywa nezivakashi zeSilo zasemazweni omhlaba. Ngokocwaningo Iwakamumva Iuveza ukuthi izintombi ezisuke zihambela emkhosini womhlanga zilinganiselwa ezinkulungwaneni ezingamashumi ayisikhombisa kodwa zigcine zingafinyelelanga zonke ngenxa yokushoda kwezimo zokuthutha.

Contact Us