Ngenxa yobubanzi bezwe leSilo, Amakhosi, neMikhandlu yaMasipala enhla naKwaZulu (Mkhanyakude) akhuleka eSilweni ukuba kugujwe uMkhosi woMhlanga ngenxa yetshisekelo nothando Iezintombi nokungakwazi ukufinyelela ngobuningi bazo esigodlweni sase Enyokeni .lsilo semukela sancoma ukuba kwenzelwe esigodlweni emaChobeni eNgwavuma. Nakuba usingatheka lomkhosi kodwa kukhona izigqinamba eziba khona zokuhlangabezana nezidingo zomkhosi wonke, ngokungabi nesabelo esiqondene nawo. Nakuba usingatheke, kuba ukwelula izandla kwaMakhosi neMikhandlu kaMasipala kanye nalabo abangabahlobo beSilo abangosomabhizinisi.