24, 25 & 26 KUNHLOLANJA (FEBRUARY):

UMKHOSI WAMAGANU ESIGODLWENI EMACHOBENI ENGWAVUMA
About Us

Lomkhosi ugujwa ehlobo ngenyanga kaNhlolanja. Kuzokhumbuleka ukuthi umkhosi woselwa esibalula ngawo kuloluhlelo phakathi kokunye kusuke kuwumkhosi wokubonga uMdali ngokudla nezithelo isizwe esisuke sizivuna ehlobo. Amaganu ngesinye sezitshalo eziyimvelo engxenyeni ethize KwaZulu Natal esizimilela ngaphandle kokuvuselelwa njalo, njalo.

Kuningi okwenziwa ngamaganu, kokunye singabala utshwala, amakha, namfutha okugcoba umzimba (massage oil).

Kulezozizwe lapho amaganu ayinala khona zithi maseziwavunile ziwathwale ziwalethe komkhulu esigodlweni. Kulaphoke iSilo esibusisa khona isizwe ngalesithelo, kubuswe kusinwe kujatshulwe.

 

Contact Us