iSandlwana intatshana eseduze nendawo yaseNquthu eNyakatho neKwaZulu Natal phakathi kwedolobha lase Filidi (Vryheid) neDundee.
Abantu baKwaZulu bavamile ukwetha izinto nezindawo ngezigameko ezithize emlandweni noma bafananise noma baqhathanise izinto. Kuliqiniso uma ubheka intashana iSandlwana usondela eduze kwayo uyibone sengathi ifana nendlu. Lokhu kufakazela lomkhuba wokuqamba amagama ezindawo noma izinto ngokufananisa.
Kulaphoke impi kaZulu ngesikhathi seNkosi uCetshwayo yatholana phezulu namaNgisi. Kwaku mhlazi 22 Masingana 1879. Kulapho amangisi anqotshwa khona okokuqala emhlabeni.
Lesigameko sathusa umhlaba wonke Iolusuku lohlala njalo liwumlando esizweni samaZulu. Kungakhoke luhlala njalo lukhunjulwa. Luvame ukuhanjelwa abantu abaningi basemazweni omhlaba, kwawona amangisi uqobo ayawuhambela lomkhosi.
Akujwayelekile nokho ukuthi labo abasuke behluliwe babe mdibi munye nabanqobi babo ekubungazeni ukwehlulwa kwabo. Kodwa ukuvakashelwa kwalomcimbi izithunywa zamangisi kukhombisa ukubaluleka kwawo emlandwen jikelele.